Yihlathi Leli. Bhekisigcino D Khawula

Чтение книги онлайн.

Читать онлайн книгу Yihlathi Leli - Bhekisigcino D Khawula страница 2

Yihlathi Leli - Bhekisigcino D Khawula

Скачать книгу

ngokushesha uMchithwa ede eqalaza yonke indawo kube sengathi kukhona akubonayo. UMaMsomi ingane yakhe wayibona ukuthi sengathi kukhona ekubonayo, yena nina ebe engaboni lutho.

      Lacu uMchithwa ebeka amanzi esitofini. Lawo manzi kwabe sekungawetiye. Unina waya emsamo, wathola amabhodwe abepheke ngawo ntambama esomile. Wagqolozela emehlweni ingane yakhe uMaMsomi elokhu enikina ikhanda. Unikina ikhanda kufanele ngoba uvuke kungakabi isikhathi avuka ngaso, kodwa unqene ukuphoxa indodana yakhe. Yabe isimlethela itiye ngaleso sikhathi. Washaya uphawu lwesiphambano kuphela uMaMsomi ngaphambi kokuliphuza.

      “Konje wathi imuphi umsebenzi owuthandayo?”

      “Ngifisa ukuba uthisha.”

      “Ngizwa kahle mntanami. Asethembe ukuthi kuzokwenzeka.”

      “Impela Mama, ngifuna ukufundisa izwe,” esho egqolozela unina ngamehlo abomvu, kodwa unina wangakunaka lokho.

      “Uyabona Mchithwa, kumele uzibambe ziqine emfundweni, ngoba uwe ithemba lalapha ekhaya. Nobaba wakho lapho ekhona wethembele kuwe.”

      “Ngiyajabula Mama uma kunjalo,” esho ephakamisa izwi kanti umthetho wakhe uMchithwa ukhulumela phansi, futhi nomuntu omdala akambheki neze emehlweni. Manje kushintshile.

      UMaMsomi uma eyibona ikuleso simo ingane yakhe, wacabanga ukuthi yenziwa ukukhula: phela uMaMsomi ufuna ingane yakhe ibe nomakoti kusasa. Wazizwa ejabula ngenhliziyo uma eyibona ingasenawo amahloni.

      “Mfana wami, khululeka nje, imali lapha ekhaya ikhona, ungafunda ufike lapho ufisa ukufika khona. Nansi nengadikazi ikhiqiza kahle kakhulu.”

      “Mama, kuyezwakala,” esho ngekho nje nalapho uMchithwa kodwa ecabanga indaba yama-ARVs lawa afunwa uNtondolo.

      Unina kaMchithwa obungakapheli kahle kuye ubuthongo, waphuma ukuze ayolala laphaya ekamelweni. UMaMsomi wazi kahle ukuthi uNtombi uzokuya kosebenza engadinikazi nabasebenzi balapha ekhaya. UMaMsomi wakha amathuba omsebenzi ngale ngadikazi. UMchithwa naye uma kuyimpelasonto uyaya ukuyobamba iqhaza kuyo belu ingadikazi.

      Waphinda walayitha iwunga yakhe umfo kaNcokwane. Wayibhema qede waya emotini, wazihlalela kuyo ngoba kuyimanje akazi ukuthi kufanele aye kuphi. Phela akafuni kwenzeke esayizolo kade ethi uyolanda abafana adlala nabo ibhola. Njengoba namhlanje kunguMgqibelo nje, wabona uzoshaya ngokushesha uMsombuluko ukuze axoxe kahle nabangani bakhe. Uma kukhona umuntu onake zonke izinto ezenziwa uMchithwa Ncokwane, angabona ukuthi uyahlanya lokhu kwangempela. Uma umbuka nje, uyisigaxa sensizwa kufanele ngoba udla yonke into ayithandayo kulo muzi, futhi noma eya esikoleni unina akamniki imali engaphansi kuka-R100.00. Abangani bakhe basizakala kuye.

      Wazizwa elunywa wonke umzimba lo uMchithwa. Wathi uzama ukubekezela, kodwa lutho. Ngenhlanhla kwanqamuka lokho kubaba. Nguye lowaya eqonda ekamelweni lakhe ukuya kophumula. Ngaleso sikhathi wabona engadini abasebenzi besebenza, noNtombi ephakathi kwabo. Wathi uma ebuka iwunga yakhe wathola iseningi, kwamjabulisa lokho ngoba abangani bakhe esikoleni ngoMsombuluko bazojabulela ukubhema. Wathi uma ecabangisisa kahle indaba yesikole ngoMsombuluko, wafikelwa ukwenqena, kodwa wabona kufanele aye ngoba abangani bakhe bayafunda. Wazitshela ukuthi ukuba akanabo abangani ngabe akawubeki umcondo wakhe esikoleni, ecabangisa okwengane ekhasela eziko umfo kaNcokwane.

      Washaya ngonyawo lonwabu eqonde laphaya engadinikazi enomshini wokuzichelela. Ukuthi alini akusho lutho, kodwa konke okutshaliwe kuyo kuvuma kakhulu. Kukhona iklabishi, ukhelothi, amazambane, utamatisi, isipinashi, amadumbe kanye nobhatata, kodwa akuthanda kakhulu uMchithwa okulapha engadini isipinashi.

      Wabe esethelekile engadinikazi yakubo uMchithwa. Wephuca omunye usisi igeja wahlakula, kanti akazitsheli ukuthi lo ngumhlaba wokusebenza umfo kaNcokwane. Walilahla phansi esahlakule kabili kathathu. Wephuca omunye futhi umama, wahlakula kakhudlwana kunakuloya sisi, kodwa walilahla phansi igeja.

      Bonke abalapha engadini basola ukuthi kukhona okushaya amanzi lapha kuMchithwa. Waqalaza yonke indawo. Waqonda ngqo kuleya ntombazane ayephuce igeja okokuqala, wafike wayiqabula wabe eseyiphathaphatha khona esidlangalaleni. UNtombi wakhuza umhlola ebona uMchithwa ezoboshwa.

      Isahluko 2

      Isikole afunda kuso uMchithwa sabe sesiphumile. Ngaleso sikhathi wayesemi nabangani bakhe.

      “Madoda, lapha emhlabeni kukhona into engiyi- …!”

      “Iyiphi leyo nto?” ehlalwa emadevini umngani wakhe uNsonsothela.

      “Mdedele aqedele Nsonsothela,” kusho uFahlaza. Ngaleso sikhathi uMchithwa uzesula izithukuthuku, kwazise ilanga libase isibili.

      “Madoda, kungabe niyafuna ukuba amadoda angempela kusasa?”

      “Kungabe ukubuziswa yini lokho?” kubuza uFahlaza.

      “Imibuzo ayibuzani, mina ngifuna impendulo enguyebo noma qha.”

      “Akekho ongafuni ukuba indoda yangempela kusasa,” kusho uNsonsothela.

      Lezi zinsizwa zagqolozela uMchithwa zijahe ukuba eze nendaba, ngoba ziyazibonela ukuthi kukhona afuna ukukukhuluma okubalulekile. Lapho-ke uMchithwa ulokhu egwajaze njalo, kodwa lezi zinsizwa axoxa nazo zivele zixakeke nje ukuthi kungabe uMchithwa ungenwe yini.

      “Bafowethu, kunogwayi ongumlingo lapha ezweni lethu. Uma uwubhema kuthi cosololo.”

      “Wawubhema kuphi Mchithwa?” ebuza uFahlaza.

      “Ngawubhemiswa ubhut’ uNtondolo.”

      “Lo oshayela itekisi eMlazi?” kubuza uNsonsothela.

      “Impela, nguye owangibhemisa uhlobo oluphezulu lukagwayi.”

      “Zonke izinhlobo zikagwayi zinamagama azo. Lo okhuluma ngawo kuthiwa yini?” kubuza uFahlaza.

      “Awujwayelekile lapha kwaDumisa, kodwa umuntu ophucuza indawo yethu ubhuti uNtondolo.”

      Babhekana oFahlaza noNsonsotha emva kokuzwa indaba yogwayi ophucuza indawo. Bona bazi ugwayi ubhenywa, abawazi ugwayi uphucuza indawo, kodwa namuhla kubukeka sengathi bazofunda lukhulu.

      “Sicela igama likagwayi ophucuzayo, bese usabalala ngawo ukuze sizwe ukuthi uyiletha kanjani impucuko lapha kwaDumisa,” kusho uNsonsothela ehwaqabala.

      “Elempucuko lona lingena kuphi?” kubuza uFahlaza.

      “Ngendlela okuyiyona madoda nangokubona kwami, izinto ezintsha ezenza inqubekelaphambili yizo kanye eziletha impucuko.”

      “Ngithi angimuzwe uMchithwa, ” kuvuma uNsonsothela.

      Ngendlela elibalele ngayo, uMchithwa nabangani bakhe sebeze bahlala ngaphansi kwesihlahla.

      “Ngifuna kusasa ukubuza uthisha omkhulu ukuthi uyayazi yini le nto okuthiwa iwunga,” kusho uFahlaza.

      “Ngendlela okuyiyo angisiboni isidingo salokho ngoba ugwayi awuvunyelwe ukubhenywa. Kunokwenzeka futhi ukuthi …”

      “Ngibona ukuthi uqinisile Nsonsothela.”

      “Ngifuna ukuzibuzela nje.”

      “Yini ukhethe ukubuza uthisha omkhulu?” kubuza uMchithwa ebhoka ngolaka.

      “Phela uthisha omkhulu ubab’ omncane, futhi ayikho

Скачать книгу