Yihlathi Leli. Bhekisigcino D Khawula

Чтение книги онлайн.

Читать онлайн книгу Yihlathi Leli - Bhekisigcino D Khawula страница 5

Yihlathi Leli - Bhekisigcino D Khawula

Скачать книгу

ezibalweni. Pho uyazazi yini izibalo uMchithwa! Lapho kufika lo mcabango wakamuva uMaMsomi wezwa inhliziyo ithi cosololo. Wabona singekho isidingo sokuthi asheshise kukho konke akwenzayo ngoba eSiphapheme akukude kakhulu ukusuka lapha, kanti futhi akahambi ngezinyawo, uhamba ngeveni enejubane kakhulu. UMaMsomi usezizwa ethanda ukukhululeka manje.

      Emva kwesikhashana wabe esegqoke econsa, pho uyazithanda yini omdala! Wabona kufanele enze njengenjwayelo. Phela uma ezohamba ngemoto uqale akhuleke, akukhathalekile ukuthi uya kude noma eduze. Nguye lona eqonda ekamelweni likaNtombi ngenhloso yokuvalelisa. Nebala wafike wachazela uNtombi ngocingo alutholile. UNtombi wanikina ikhanda emva kwaleyo ncazelo. Wabe esefisela unina uhambo oluhle, waze wamtshela ukuthi ngabe uyamkhapha ukuba le ngane ayihluphi. UMaMsomi yena uziphethe ngezandla manje izikhiye zeveni.

      Athandaze: “Baba obabazekayo, njengoba sengilungele ukuhamba nje, ukuya la okufunda khona umntanami, ngicela ungisize ngimelane nanoma isiphi isimo sasemgwaqeni. Uphephise kwayona le moto engihamba ngayo. Baba, sengathi uhambo lwami lwaseSiphapheme, ekade ngagcina ukuya khona lungangijabulisa. Ngiyabonga kakhulu nangabantwana owangipha bona, benze babe nekusasa eliqhakazile. Konke lokhu ngikucela kuwe obusa ube uphila izikhathi ngezikhathi.” Bawusho kanyekanye nondodakazi wakhe u-Amen.

      Wathi uma ebheka izulu umama kaMchithwa, wathola lilihle. Wabe eseluqalile uhambo lwakhe. Ngokushesha wethuka esefikile laphaya eSiphapheme. Ufika nje, uSishi uncike kuvulandi ngenhloso yokuba abone uMaMsomi ukuthi kulindwe yena. Kusenjalo, emva kokubingelelana, baya estaff room. Engena nje, wabona uMchithwa endwazile nje. Wafunda kwezakhe uMaMsomi ukuthi inkulu indaba abizelwe yona la.

      “Mzalwane omuhle, ngibone kufanele ngenze umhlangano oyinguyazana. Bheka nje uthisha omkhulu akawazi, kodwa mina njengesekela lakhe, ngibe sengisebenzisa amandla ami. Lapha sishintshelwe ngu-Elpheus, akeve esebheda kamuva nje. Izibalo zimhlula kunabo bonke abafundi, kanti unyaka usaqala abafundi bebesizwa nguye. Ngicela umuphe umthandazo mzalwane, ngibona lifiphala ikusasa lakhe.”

      “Mzalwane ngizwa kahle, futhi ngibonga kakhulu ukuthi ungazise.”

      “Elpheus, qinisa ndoda.” USishi lowo emkhuthaza.

      “Ye-bo thi-thi-sha.”

      “Mchithwa, ungangiphoxi bandla,” kusho unina.

      Bamyala wabe esebonga kakhulu uMaMsomi. Bagcina behlukene noSishi ebukeka ejulile.

      Конец ознакомительного фрагмента.

      Текст предоставлен ООО «ЛитРес».

      Прочитайте эту книгу целиком, купив полную легальную версию на ЛитРес.

      Безопасно оплатить книгу можно банковской картой Visa, MasterCard, Maestro, со счета мобильного телефона, с платежного терминала, в салоне МТС или Связной, через PayPal, WebMoney, Яндекс.Деньги, QIWI Кошелек, бонусными картами или другим удобным Вам способом.

/9j/4AAQSkZJRgABAQEBLAEsAAD/7gAOQWRvYmUAZAAAAAAB/+EbyEV4aWYAAE1NACoAAAAIAAcB EgADAAAAAQABAAABGgAFAAAAAQAAAGIBGwAFAAAAAQAAAGoBKAADAAAAAQACAAABMQACAAAAHgAA AHIBMgACAAAAFAAAAJCHaQAEAAAAAQAAAKQAAADEASwAAAABAAABLAAAAAEAAEFkb2JlIFBob3Rv c2hvcCBDUzUgTWFjaW50b3NoADIwMTM6MTI6MDYgMTI6MzM6MDgAAAKgAgAEAAAAAQAABlCgAwAE AAAAAQAACdUAAAAAAAAABgEDAAMAAAABAAYAAAEaAAUAAAABAAABEgEbAAUAAAABAAABGgEoAAMA AAABAAIAAAIBAAQAAAABAAABIgICAAQAAAABAAAanQAAAAAAAABIAAAAAQAAAEgAAAAB/9j/7QAM QWRvYmVfQ00AAf/uAA5BZG9iZQBkgAAAAAH/2wCEAAwICAgJCAwJCQwRCwoLERUPDAwPFRgTExUT ExgRDAwMDAwMEQwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwBDQsLDQ4NEA4OEBQODg4UFA4O Dg4UEQwMDAwMEREMDAwMDAwRDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDAwMDP/AABEIAKAAZwMB IgACEQEDEQH/3QAEAAf/xAE/AAABBQEBAQEBAQAAAAA

Скачать книгу